Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?
Mathewu 26:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. IsiZulu 2020 Bakha uzungu lokuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. Baasraak Zulu New Testament Bible Bacebisana ukuthi bambambe uJesu ngobuqili, bambulale. |
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?
Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:
Ungalindi ikhaya labalungileyo, wena mubi; indawo yakhe yokuphumula ayichithwanga;
Emva kwezinsuku ezimbili kwakukhona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambamba kanjani ngobuqili, bambulale.
Wathi: “Wena ogcwele ubuqili bonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuphendukezela izindlela eziqondileyo zeNkosi na?
Yona yaphatha izihlobo zethu ngobuqili, yabaphatha kubi obaba, baze baxotsha abantwana babo, ukuze bangaphili.
Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu.