Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 26:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Kwabuthana abaphristi abakhulu namalunga esizwe emzini womphristi omkhulu okuthiwa nguKhayifase.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 26:3
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bayabuthana, bacashe, baqaphele izinyathelo zami, belindele umphefumulo wami.


Kodwa nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; futhi ngangingazi ukuthi babengicebele amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi nezithelo zawo, siwunqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lawo lingabe lisakhunjulwa.


Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.


Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni;


Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho.


UPetru wamlandela ekude, waze wangena egcekeni lompristi omkhulu;


Kwathi uPetro esegcekeni ngaphansi, kwafika enye yezincekukazi zomphristi omkhulu.


Amasosha amyisa egcekeni elithiwa iPretorio; balibizela ndawonye iviyo lonke.


Sebebasile umlilo phakathi kwegceke, sebehlezi phansi ndawonye, uPetru wahlala phakathi kwabo.


U-Anase noKayafase bengabapristi abakhulu, izwi likaNkulunkulu lafika kuJohane indodana kaZakariya ehlane.


Kepha abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi, uma ekhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.


UAnase wayesemthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.


Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka