Ngokuba umuntu oyisiwula uyakukhuluma okubi, nenhliziyo yakhe yenza okubi, ukuze yenze ubuzenzisi, ikhulume okubi ngoJehova, ithulule umphefumulo wolambileyo, iqede ukuphuza kowomileyo.
Mathewu 12:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele. IsiZulu 2020 Kwakukhona umuntu owayenesandla esishwabene; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha na?” Babembuza nje ukuze bammangalele. Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala. |
Ngokuba umuntu oyisiwula uyakukhuluma okubi, nenhliziyo yakhe yenza okubi, ukuze yenze ubuzenzisi, ikhulume okubi ngoJehova, ithulule umphefumulo wolambileyo, iqede ukuphuza kowomileyo.
ngokweqa uJehova, nokuqamba amanga, nokuhlubuka kuNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokuhlubuka, nokukhuluma inkohliso namazwi angamanga asuka enhliziyweni.
Akekho ocela ubulungisa futhi akekho omela iqiniso; bathembela ezeni, bakhuluma amanga; bakhulelwa okubi, bazale ububi.
Maye kumalusi okhonza izithombe oshiya umhlambi! inkemba iyakuba phezu kwengalo yakhe naphezu kweso lakhe lokunene; ingalo yakhe iyobuna ihlanzekile, neso lakhe lokunene liyoba mnyama ngokuphelele.
Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.
AbaFarisi beza kuye bemlinga, bathi kuye: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo nganoma yisiphi isizathu?
Bemqamekela, befuna ukubamba utho oluphuma emlonyeni wakhe, ukuze bambeke icala.
Umphathi wesinagoge waphendula ngokuthukuthela, ngokuba uJesu esilisa ngesabatha, wathi kubantu: Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; ngakho wozani ngazo, niphulukiswe, kungabi ngesabatha usuku.
Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi.
Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.
Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?
Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.
Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.