Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.
Mathewu 11:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” IsiZulu 2020 wathi kuye: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?” Baasraak Zulu New Testament Bible basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye? |
Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.
Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.
Abasindisi bayokhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuze bahlulele intaba ka-Esawu; futhi umbuso uyakuba ngokaJehova.
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Ngiyozamazamisa zonke izizwe, futhi okufiselekayo kuzo zonke izizwe kuyofika; ngiyakuyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,” usho uJehova Sebawoti.
Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.
Ngiyakumbona, kodwa hhayi manje; Ngiyakumbona, kodwa hhayi eduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakwenyuka kwa-Israyeli, ishaye imikhawulo yakwaMowabi, nabo bonke abantwana bakwaSheti.
Ngoba lo nguye okulotshwe ngaye ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho.
UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo;
Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;
Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.
Lababehamba phambili lababelandela bamemeza besithi: Hosana; Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
besithi: Kayibusiswe iNkosi ezayo ebizweni leNkosi: ukuthula ezulwini, lenkazimulo kweliphezulu.
Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu obezakuza emhlabeni.
UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.
Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni.
Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?