Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?
KwabaseFilipi 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. IsiZulu 2020 Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Baasraak Zulu New Testament Bible Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. |
Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?
Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.
Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.
Ngakho-ke kukhona icala impela phakathi kwenu, ngokuba nimangalelana. Kunalokho kungani niphatha kabi na? Kunalokho kungani ningavumi ukuphanjwa na?
Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kusesekhona, funa ngimkhubekise umzalwane wami.
Labo bonke abancintisayo bayazithiba ezintweni zonke. Manje bakwenzela ukuthola umqhele owonakalayo; kodwa thina esingaboliyo.
Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;
Ukuze ningasheshi unyakaziswe engqondweni, noma nethuswe, noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, ngokungathi usuku lukaKristu selusondele.
Bangahlambalazi muntu, bangabi-ingxabano, kodwa babe mnene, bebonisa ubumnene bonke kubantu bonke.
singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.
behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu.