Sukumani nihambe; ngoba kayisikho ukuphumula kwenu; ngoba ingcolisiwe, izalichitha, yebo ngencithakalo enkulu.
KumaHeberu 13:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo. IsiZulu 2020 Asinawo lapha umuzi omiyo, kodwa sifuna umuzi ozayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo. |
Sukumani nihambe; ngoba kayisikho ukuphumula kwenu; ngoba ingcolisiwe, izalichitha, yebo ngencithakalo enkulu.
Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;
Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu;
Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.
Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.
Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.
Kepha uKristu esefikile engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kakhulu, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingelona elalesi sakhiwo;
Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.