Uma inhlangano yonke yakwa-Israyeli yona ngokungazi, le ndaba isithekile emehlweni enhlangano, benze utho okuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, benecala;
KumaHeberu 10:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, IsiZulu 2020 Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono; |
Uma inhlangano yonke yakwa-Israyeli yona ngokungazi, le ndaba isithekile emehlweni enhlangano, benze utho okuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, benecala;
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,
Leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungisi, ingenzanga njengentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;
UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono; ngakho isono senu sihlezi.
Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli.
nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo; ngoba kabamukelanga uthando lweqiniso, ukuze basindiswe.
Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.
Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.
Uma umuntu ona komunye, umahluleli makamahlulele; kepha uma umuntu ona kuJehova, ngubani ongamlamulela na? Kodwa kabalilalelanga ilizwi lendoda, ngoba uJehova wayezababulala.