Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.
KumaHeberu 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kwaba kanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela. IsiZulu 2020 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Khristu, kwaba kanye kuphela. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kwaba kanye. |
Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.
Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi.
Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;
Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.
nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.
Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
Ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe;
nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?
Ngakho-ke esefika emhlabeni uthi: Umhlatshelo lomnikelo kawuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba;
Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;
ongadingi insuku ngensuku njengabapristi abakhulu ukuthi anikele imihlatshelo kuqala ngezakhe izono, andukuba ezezabantu;
kungengegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngelakhe igazi wangena kanye nje endaweni engcwele, esizuzele ukukhululwa okuphakade.
Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?
Ngokuba ngabe ngabe uhluphekile kaningi selokhu kwasekelwa izwe, kepha manje usebonakalisiwe kanye ekupheleni kwezwe ukuba asuse isono ngomhlatshelo wakhe.
Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
Lo nguye oweza ngamanzi negazi, uJesu Kristu; kungeyisikho ngamanzi kuphela, kodwa ngamanzi legazi. Futhi uMoya ufakaza, ngoba uMoya uliqiniso.