Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KuFilemoni 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta



KuFilemoni 1:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba wasebenza ngawo, wazuza amanye amatalenta ayisihlanu.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


ngokunjalo izimfihlo zenhliziyo yakhe zibonakaliswa; kanjalo uyakuwa ngobuso bakhe, akhuleke kuNkulunkulu, asho ukuthi uNkulunkulu phakathi kwenu ngeqiniso.


Ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu onamandla, nabamelene nami baningi.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;


sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


Nabethu mabafunde ukugcina imisebenzi emihle ngokuswela, ukuze bangabi abangatheli.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.


Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na?


Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;


Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.


Ngokuba uma lezizinto zikhona kini, zivama, zinenza ukuba ningabi-inyumba nabangatheli ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.