Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuFilemoni 1:6 - IsiZulu 2020

6 Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuFilemoni 1:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esehambile, inceku eyayinikwe amathalenta ayisihlanu ayipholisanga maseko; yasebenza ngawo, yazuza amanye ayisihlanu.


Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini.


kuthi izimfihlo zenhliziyo yakhe zidalulwe, lowo uyakukhothama athi mbo ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, avume ukuthi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nakuba bebaningi abamelene nami.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.


Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,


nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?


Kanjalo-ke uma ukukholwa kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kanjalo bafazi, thobelani amadoda enu ukuze kuthi uma kukhona amadoda angalilaleli izwi, azuzeke ngenxa yokuziphatha kahle kwabafazi bawo, ngaphandle kwezwi;


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka