Johane 7:42 - Contemporary Zulu Bible 2024 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?” IsiZulu 2020 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKhristu uvela olibeni lukaDavide naseBhethlehema, emzaneni ayehlala kuwo uDavide na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na? |
UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.
Ngiyakumisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngakhe isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sela.
Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuvusela uDavide iHlumela elilungileyo, kube yinkosi eyakubusa, ibe nempumelelo, yenze ukwahlulela nokulunga emhlabeni.
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Basebesithi kuye: EBetlehema laseJudiya, ngoba kulotshiwe kanje ngomprofethi ukuthi:
Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.
Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;)
UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.
USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?
USawuli wasesithi kuye: Uyindodana kabani, nsizwa? UDavide wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”