Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




NgokukaLuka 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaLuka 2:4
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

URaheli wafa, wembelwa endleleni yase-Efrati eyiBetlehema.


Mina-ke, ekuphumeni kwami ePhadani, uRaheli wafa nami ezweni laseKhanani endleleni, kusekude ukuba ngifike e-Efrati; ngammbela lapho endleleni yase-Efrati; okuyiBetlehema.


Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele.


Wafika wahlala emzini othiwa iNazaretha, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.


Basebehamba bonke ukuyabhaliswa, ngulowo lalowo emzini wakubo.


eyakubhaliswa kanye noMariya owayemthembise umshado, esekhulelwe.


Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde.


UNathanayeli wasesithi kuye: Kambe kukhona into enhle evela eNazaretha? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?


Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Futhi lapho befika eBhetlehema, umuzi wonke waxokozela, wathi: Ingabe lo uNawomi?


Bheka, uBhowazi wafika evela eBetlehema, wathi kubavuni: “UJehova makabe nani. Zathi kuye: “UJehova makakubusise;


Bonke abantu ababesesangweni namadoda amakhulu bathi: “Singofakazi.” UJehova makenze owesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli nanjengoLeya abakha indlu yakwa-Israyeli bobabili; wenza kahle e-Efrati, waduma eBetlehema.


Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Uzalelwa uNawomi indodana; baqamba igama layo ngokuthi u-Obede. Unguyise kaJese, uyise kaDavide.


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?


UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.


USawuli wasesithi kuye: Uyindodana kabani, nsizwa? UDavide wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”


Uma uyihlo engikhumbula, wothi: ‘UDavide ungicelile nokungincenga ukuba agijimele eBetlehema emzini wakubo, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka yonke womndeni wonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka