Johane 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.” IsiZulu 2020 Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.” Baasraak Zulu New Testament Bible Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya. |
Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe.
Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo.
Wayesethi kimi: “Profetha ngokumelene nomoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi emoyeni: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Woza uvela emimoyeni yomine, O moya, futhi uphefumulele phezu kwababuleweyo, ukuze baphile.
Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.
Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.
Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.
Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu.