Johane 3:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.” IsiZulu 2020 Beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owawunaye ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye useyabhabhadisa, abantu bonke baya kuye.” Baasraak Zulu New Testament Bible Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye. |
Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.
Ngizifungile mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, ukuthi kimi amadolo onke ayakuguqa, nezilimi zonke ziyakufunga.
Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi, ngokuba munye uMfundisi wenu, uKristu; lani lonke lingabazalwane.
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Uma simyeka kanjalo, bonke bayakukholwa nguye; futhi amaRoma ayakuza, athathe kokubili indawo yethu nesizwe.
AbaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho na? bheka, umhlaba uyamlandela.
Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.
Ngakho iNkosi isibonile ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu wenza ebhabhathize abafundi abanengi kuloJohane,