Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Johane 16:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.” IsiZulu 2020 “Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba. |
Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukini. Hambani nisenokukhanya, funa ubumnyama bunifikele, ngokuba ohamba ebumnyameni akazi lapho eya khona.
UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu;
Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kumaJuda ukuthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina; ngakho manje ngithi kini.
Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.
Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?
Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo.
Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.
azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.