Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 17:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 17:5
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?


UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;


Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.


Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.


owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga;


Futhi: Wena, Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; nezulu liyimisebenzi yezandla zakho;


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;


enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.


(Ngokuba ukuphila kwabonakaliswa, futhi sikubonile, futhi siyafakaza, futhi sinibikela ukuphila okuphakade, okwakunoBaba, futhi kwabonakaliswa kithi;)


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka