Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.
Johane 15:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale. IsiZulu 2020 “Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.” Baasraak Zulu New Testament Bible Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale. |
Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.
Kawusayikubizwa ngokuthi unguSishiywa; izwe lakho alisayikubizwa ngokuthi ihlane, kepha uyakubizwa ngokuthi iHefiziba nezwe lakho ngokuthi iBewula; ngoba uJehova uyathokoza ngawe, lelizwe lakho lizathembeka.
Yebo, ngiyakuthokoza ngabo ukuba ngibenzele okuhle, ngibatshale nokutshala kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.
Kuyakuba yigama lentokozo kimi, indumiso nodumo phambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyokuzwa konke okuhle engikwenzela zona; futhi bayokwesaba futhi bathuthumele ngenxa yabo bonke ubuhle nangenxa yakho yonke impumelelo engiyisebenzelayo.
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho; uyakusindisa, ajabule ngawe ngentokozo; uyophumula othandweni lwakhe, ajabule ngawe ngengoma.
Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.
Athi eseyitholile, abizele ndawonye abangane bakhe nomakhelwane, athi: ‘Thokozani nami; ngokuba ngilutholile ucezu ebengingilahlekele.
Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.
Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo.
Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
Kungesikho ukuthi sibusa ukholo lwenu, kodwa singabasizi bentokozo yenu, ngoba nimi ngokukholwa.
Kepha-ke lokhu nginethemba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, ngihlale nani nonke, ukuze niqhubekele phambili nentokozo yokukholwa kwenu;
Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;
Nginezinto eziningi zokunilobela zona, angithandi ukunilobela ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze intokozo yethu igcwale.