Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 15:11 - IsiZulu 2020

11 “Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 15:11
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuhluphekeni kwayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule.


Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”


Kuthi lapho eseyitholile, ayetshathe emahlombe ethokoza.


Kuthi eselutholile ameme abangani nomakhelwane, athi: ‘Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.’


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.


Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.


Sengathi uNkulunkulu wethemba anganigcwalisa ngenjabulo yonke, nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nichichime ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Nginaso lesi siqiniseko, futhi ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kuqhubeke ukuthokoza kwenu ekukholweni,


enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,


Ngakho-ke sesiyanilobela lokhu, ukuze kuphelele intokozo yenu.


Kuningi ebenginokunilobela ngakho, kodwa angithandanga ukukuloba ephepheni ngoyinki. Ngiyethemba ukuthi ukuza kwami kini, ngikhulume nani bukhoma, kuyokwenza ukuthokoza kwethu kuphelele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka