(Kwakunguye uMariya owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula.)
Johane 13:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. IsiZulu 2020 Uma Mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke kufanele nigezane izinyawo. Baasraak Zulu New Testament Bible Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, nginigezile izinyawo; nani nifanele ukugezana izinyawo. |
(Kwakunguye uMariya owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula.)
Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Thandanani okuhle omunye komunye ngothando lobuzalwane; ekuhlonipheni nikhethe omunye komunye;
Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu.
Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu;
Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kusesekhona, funa ngimkhubekise umzalwane wami.
Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.
Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.
lokuthi zonke izilimi zivume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uBaba.
Kufakazelwe kahle ngemisebenzi emihle; uma ondle abantwana, uma engenise izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esize abahluphekayo, uma ekhuthalele wonke umsebenzi omuhle.
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo;
Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.