Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 4:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi;


Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.


Wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma uye phakathi.”


Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.


Makube njalo. Thina esifile esonweni singaphinde siphile kanjani kuso na?


Ngoba ofileyo ukhululiwe esonweni.


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.


Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.


Ngakho kumelwe ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.


Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu;


Ngokuba bhekani yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla engqondweni yenu.


Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe.


Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;


Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka