Johane 12:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika uJesu wafika eBethaniya, lapho kwakukhona uLazaru owayefile, amvusa kwabafileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. IsiZulu 2020 Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona ezinsukwini eziyisithupha ngaphambi kwePhasika uJesu wafika eBethaniya, lapho kwakukhona uLazaru owayefile, amvusa kwabafileyo. |
UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili.
Bheka, owesifazane emzini, oyisoni, ekwazi ukuthi uJesu uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, waletha umfuma wealabhaste wamafutha.
Kwakukhona ogulayo othile, uLazaru waseBethaniya, umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.
Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, nobuso bakhe buboshwe ngeduku. UJesu wathi kubo: Mthukululeni, limyeke ahambe.
Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.
Ngangomuso izixuku eziningi ezazize emkhosini zizwa ukuthi uJesu uyeza eJerusalema;
Ngakho ixuku elikhulu labaJuda lakwazi ukuthi ulapho, laselisiza kungengenxa kaJesu kuphela, kodwa lokuthi libone loLazaro ayemvuse kwabafileyo.