Kumelwe ufake i-Urimi neThumimi esihlangwini sesifuba sokwahlulela; ziyakuba senhliziyweni ka-Aroni lapho ehamba phambi kukaJehova;
Johane 11:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akakhulumanga lokho ngokwakhe, kepha engumpristi omkhulu walowo mnyaka, waprofetha ukuthi uJesu uzakusifela leso sizwe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe; IsiZulu 2020 Lokho ayekukhuluma kwakungaveli kuye, kodwa ngenxa yokuba wayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka, wayephrofetha ngokufa uJesu azakufa ngakho, efela isizwe; Baasraak Zulu New Testament Bible Akakhulumanga lokho ngokwakhe, kepha engumpristi omkhulu walowo mnyaka, waprofetha ukuthi uJesu uzakusifela leso sizwe; |
Kumelwe ufake i-Urimi neThumimi esihlangwini sesifuba sokwahlulela; ziyakuba senhliziyweni ka-Aroni lapho ehamba phambi kukaJehova;
Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.
I Nkosi yasivula umlomo wembongolo, yathi kuBalami: Ngenzeni kuwe ukuthi ungitshaye kathathu?
UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
Omunye wabo, uKayafase igama lakhe, engumpristi omkhulu ngalowo mnyaka, wathi kubo: Anazi lutho nina.
Bamyisa ku-Anase kuqala; ngokuba wayenguyisezala kaKayafase owayengumpristi omkhulu ngalowo mnyaka.
Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.
UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
UDavide wazi ukuthi uSawule umenze okubi ngasese; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”
Lapho uSawule ebuza kuJehova, uJehova akamphendulanga, kungengamaphupho, nange-Urimi, nangabaprofethi.