Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 11:51 - IsiZulu 2020

51 Lokho ayekukhuluma kwakungaveli kuye, kodwa ngenxa yokuba wayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka, wayephrofetha ngokufa uJesu azakufa ngakho, efela isizwe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

51 Akakhulumanga lokho ngokwakhe, kepha engumpristi omkhulu walowo mnyaka, waprofetha ukuthi uJesu uzakusifela leso sizwe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Akakhulumanga lokho ngokwakhe, kepha engumpristi omkhulu walowo mnyaka, waprofetha ukuthi uJesu uzakusifela leso sizwe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 11:51
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyofaka esivikelweni sesifuba sokwehlulela, i-Urimi neThumimi, kuyakuba ngasenhliziyweni ka-Aroni lapho engena phambi kukaSimakade, ngakho-ke u-Aroni uyakuthwala njalo enhliziyweni yakhe phambi kukaSimakade, ukwehlulelwa kwabakwa-Israyeli.”


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


USimakade wayivula umlomo imbongolo, yathi kuBhileyamu: “Ngenzeni kuwe ungaze ungishaye amahlandla amathathu, na?”


UBhileyamu waphakamisa amehlo akhe wabona ukuthi u-Israyeli ukanise ngokwezizwe zakhe, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


Kepha omunye wabo, uKhayifase, owayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka, wathi kubo: “Anazi lutho nina,


Bamhola, bamyisa ku-Anase kuqala, ngokuba engumukhwe kaKhayifase owayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka.


Noma ngingaphrofetha, ngiqonde izimfihlakalo zonke, ngibe nokwazi konke, noma nginganokukholwa konke okungagudluza izintaba, kodwa uma ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.


UDavide wayazi ukuthi uSawule uceba okubi ngaye; wathi ku-Abhiyathara, umphristi: “Letha ingubo yamahlombe.”


USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka