Izwi lothandiweyo wami! bhekani, uyeza egxuma phezu kwezintaba, egxuma emagqumeni.
Johane 10:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. IsiZulu 2020 Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe. |
Izwi lothandiweyo wami! bhekani, uyeza egxuma phezu kwezintaba, egxuma emagqumeni.
Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.
Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa.
Umlindisango uyamvulela; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe, ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi.
Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
lapho umanduleli angena khona ngenxa yethu, uJesu, waba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.
Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;
Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo;
kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini.