Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.
IzEnzo 9:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile. IsiZulu 2020 UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka. Baasraak Zulu New Testament Bible Wambamba ngesandla, wamsukumisa; wayesebabiza abangcwele nabafelokazi, wamethula ephilile. |
Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.
U-Eliya wayesemthatha umfana, wamehlisa ekamelweni, wamngenisa endlini, wamnikela kunina; uElija wasesithi: Khangela, indodana yakho iyaphila.
Isibusiso sobesabhubha sehlela phezu kwami, ngenza inhliziyo yomfelokazi ijabule.
UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa.
Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza.
Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye.
Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke.
UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;
Kepha yena ongumfelokazi osele yedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.