Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 9:40 - Contemporary Zulu Bible 2024

40 Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

40 Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 9:40
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umprofethi u-Isaya wakhuleka kuJehova, wasibuyisela isithunzi izinyathelo eziyishumi esawela ngazo encwadini ka-Ahazi.


Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.


Kodwa kwathi ixuku selikhitshiwe, wangena, wayibamba ngesandla, yasivuka intombazana.


UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye.


Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka.


Wayesebakhiphela phandle bonke, wayibamba ngesandla, wabiza, wathi: “Ntombazana, vuka!


Eseshilo lokho waguqa phansi nabo bonke, wakhuleka.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.


Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa.


Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka