UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
IzEnzo 7:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. IsiZulu 2020 ‘NginguNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ “UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa. Baasraak Zulu New Testament Bible esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka. |
UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sengiyafa, uNkulunkulu uyakuninakekela nokuninakekela, anikhiphe kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
U-Eliya ekuzwa lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya?
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile.
Futhi uNkulunkulu wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: igama lami. Kuze kube phakade, lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Futhi wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UMose wafihla ubuso bakhe; ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu.
Ukuze bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.
Mina nginguNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe? UNkulunkulu kasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.
USimoni Petru ekubona, wawa phansi emadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi; ngoba ngingumuntu oyisoni, Nkosi.
UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.
Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;