Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.
IzEnzo 7:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. IsiZulu 2020 “Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni. |
Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.
Uvumele abantu bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sidabule emlilweni nasemanzini, kepha wasikhipha wasiyisa endaweni enothile.
Futhi wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UMose wafihla ubuso bakhe; ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu.
UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu lapho bekhuluma kuFaro.
Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha.
Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.
Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabeluleki benkosi ababebuthene bawabona lawa madoda, umlilo wawungenamandla emizimbeni yawo, nonwele lwamakhanda awo aluzange lushunqe, nezingubo zawo aziguqukanga, futhi iphunga lomlilo lidlule phezu kwabo.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose esihlahleni ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: “Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe?
Kepha ukuthi abafileyo bayavuswa, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.
Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asifunga kuAbrahama, banda abantu, banda eGibhithe.
esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka.
UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni.
Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.
Ngokuphathelene nezinto eziyigugu zomhlaba nokugcwala kwawo nokujabula kohlala ehlathini: isibusiso masibe phezu kwekhanda likaJosefa naphezu kwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo.
Kepha uJehova wanithatha, wanikhipha esithandweni sensimbi, eGibithe, nibe yifa lakhe, njenganamuhla.