Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 7:30 - IsiZulu 2020

30 “Kuthe sekwedlule iminyaka engama-40, kwabonakala kuye esehlane elingasentabeni iSinayi, ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 7:30
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wavuka, wadla waphuza, wahamba ngamandla alokho kudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, waya entabeni kaNkulunkulu, iHorebhe.


Abantu wabavumela ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu. Sadabula emlilweni nasemanzini, kodwa wasikhiphela endaweni ebanzi.


Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.


UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Izikhulu, ababusi, izinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawa madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, akuhangukanga nolulodwa unwele emakhanda awo, namayembe awo awaguqukanga, ngisho nephunga lomlilo alisondelanga kuwo.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose ngasesihlahleni sameva ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe’ na?


Kepha lokhu ukuthi bayakuvuswa abafileyo, ngisho noMose wakuveza obala esihlahleni esivuthayo, lapho ebiza iNkosi ngokuthi, nguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.


“Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asethembisa ku-Abhrahama, base banda ngokuphindiwe eGibhithe,


UMose ewubona lowo mbono wamangala. Kwathi esondela ukuba abhekisise, wezwa izwi leNkosi lithi:


‘NginguNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ “UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.


“UMose lowo abamalayo bethi: ‘Ubekwe ngubani ukuba ube ngumbusi nomehluleli na?’ nguyena kanye uNkulunkulu amthuma ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, ukuba abe ngumbusi nomhlengi wabo.


UHagari manje uyintaba iSinayi ese-Arabhiya, efanayo neJerusalema manje, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo.


ngamagugu omhlaba nokugcwala kwawo, nangentando enhle yowabonakala esihlahleni; isibusiso masehlele ekhanda likaJosefa nasemqheleni wekhanda lalowo owehlukaniswa nabafowabo.


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka