Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.
IzEnzo 5:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda, ezishaya utho; okwazihlanganisa naye isibalo sabantu kungathi abangamakhulu amane; bonke abamlalelayo bahlakazeka, baba yize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela. IsiZulu 2020 Ngokuba kulezi zinsuku ezedlule, kwasuka uThewuda wazenza umuntu omkhulu; waba nabalandeli, amadoda angaba ngama-400. Wabulawa, kwathi bonke abamlalelayo, bahlakazeka baphela nya. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda, ezishaya utho; okwazihlanganisa naye isibalo sabantu kungathi abangamakhulu amane; bonke abamlalelayo bahlakazeka, baba yize. |
Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.
Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa.
Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi.
Awuyena lowo mGibhithe owasusa isiyaluyalu ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?
Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;
Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;
Ngokuba bekhuluma amazwi okuyize okuyize, babayenga ngezinkanuko zenyama, ngamanyala, labo ababesesindile kulabo abahamba ngokuduka.
Nabaningi bayakulandela ukonakala kwabo; okuyakuthi ngaye indlela yeqiniso ihlanjalazwe.
Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.
Yangiyisa ehlane ngikuMoya; ngabona owesifazane ehlezi phezu kwesilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.
Ebunzini lakhe kwakulotshwe igama eliyimfihlakalo, iBhabhiloni ENKULU, UNINA WEZIFEBE NOWAZINYANYAYO ZOMHLABA.