Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 17:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yangiyisa ehlane ngikuMoya; ngabona owesifazane ehlezi phezu kwesilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Yangithwala ngikuMoya, yangiyisa ehlane. Ngabona lapho owesifazane egibele isilo esibomvu, sigcwele amagama ahlambalazayo, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Yangiyisa ehlane ngikuMoya; ngabona owesifazane ehlezi phezu kwesilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 17:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Bathi kuye: “Bheka, kukhona amadoda anamandla angamashumi ayisihlanu kanye nezinceku zakho; mawahambe ayofuna inkosi yakho, funa uMoya kaJehova ungenyuswanga wayiphonsa entabeni ethile noma esigodini esithile. Wathi: “Awunakuthuma.”


Ngubani okhuphuka ehlane futhi encike kusithandwa sakhe? Ngakuphakamisa phansi kwesihlahla sama-apula; lapho unyoko wakuzalela khona; khona wakuzalela owakuthwala.


Ngemva kwalokho uMoya wangiphakamisa wangisa embonweni ngoMoya kaNkulunkulu eKhalediya ezibotshwa. Ngakho umbono engawubonayo wenyuka usuka kimi.


UMoya wangiphakamisa, ngezwa emva kwami izwi lokubhonga okukhulu, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yayo.”


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


Futhi inkosi kumelwe yenze ngokwentando yayo; iyoziphakamisa, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume izimangaliso ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nempumelelo, kuze kuphele ulaka; ngoba okumisiweyo kuzokwenzeka.


ezimpondweni eziyishumi ezazisekhanda laso, nezinye ezavelayo, ezawa phambi kwazo ezintathu; yebo lolo phondo olwalunamehlo, nomlomo owakhuluma izinto eziningi ezinkulu, okubonakala kwawo kwakunamandla kunezinye.


Futhi iyokhuluma amazwi amakhulu ngokumelene noPhezukonke futhi iqede abangcwele boPhezukonke futhi icabange ukuguqula izikhathi nemithetho, futhi kuyonikelwa esandleni sayo isikhathi nezikhathi nengxenye yesikhathi.


Ngase ngibheka izimpondo, bheka, kwavela olunye uphondo phakathi kwazo, okwakukhona phambi kwezimpondo ezintathu kwezokuqala ezazisishuliwe izimpande zazo; bheka, kulolu phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.


Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu.


Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.


Omeleneyo oziphakamisayo phezu kwakho konke okuthiwa nguNkulunkulu, nokukhonzwayo; kangangokuthi yena njengoNkulunkulu uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonisa ukuthi unguNkulunkulu.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;


Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka.


Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.


Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle khona izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.


Nowesifazane ombonileyo ungumuzi omkhulu obusa amakhosi omhlaba.


Owesifazane wayevunule okububende nokubomvu, ehlotshiswe ngegolide namatshe anenani namaparele, enendebe yegolide esandleni sakhe, igcwele amanyala nokungcola kokuphinga kwakhe;


Ukuthengiswa kwegolide, nesiliva, namatshe anenani, namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, nazo zonke izigodo zakho, nezitsha zonke zophondo lwendlovu, nezitsha zonke zokhuni oluyigugu; neyethusi, nensimbi, netshe letsheba;


bethi: “Maye, maye, umuzi omkhulu owawumbethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uhlotshiswe ngegolide, namatshe anenani, namaparele!


Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,


Njalo masinyane ngaba kuMoya; khangela-ke, isihlalo sobukhosi simisiwe ezulwini, lohlezi esihlalweni sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka