Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.
IzEnzo 4:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke. IsiZulu 2020 ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke. Baasraak Zulu New Testament Bible ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe. |
Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.
UJehova Sebawoti wafunga wathi: “Impela njengokucabanga kwami kuyakuba njalo; njengalokho ngihlosile, kuyakuma kanjalo;
Nalokhu kuvela kuJehova Sebawoti, omangalisayo ngesiluleko nomkhulu emsebenzini.
Kalizwanga yini kudala ukuthi ngakwenza njani lokhu; nasendulo ukuthi ngakubumba na? manje ngikwenzile ukuba uchithe imizi eyinqaba ibe yincithakalo.
ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami;
Abathi: Kaphangise, awuphangise umsebenzi wakhe, ukuze siwubone; icebo loNgcwele ka-Israyeli malisondele lize, ukuze silazi!
Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.
INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.
Nempela iNdodana yomuntu iyahamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!
yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;
Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo.
kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;
Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo;