Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 4:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngesibindi sonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngesibindi sonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 4:29
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yakho engcwele neyenkazimulo yakho: iphi ukushisekela kwakho namandla akho, nomsindo wezibilini zakho nomusa wakho kimi na? babeboshiwe?


UJehova aze abheke phansi abone esezulwini.


Khumbula, Jehova, esehlele; qaphela, ubone ihlazo lethu.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


O Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho ulalele; vula amehlo akho, ubone ukuchithwa kwethu nomuzi igama lakho elibizwe ngawo, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu, kepha ngenxa yomusa wakho omkhulu.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.


Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma isibindi, bathi: “Bekufanele ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala;


Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.


Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu.


Ngokuba inkosi iyazi ngalezizinto, engikhuluma kuyo ngokukhululeka; ngoba le nto ayenziwanga engosini.


Eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa izinto eziphathelene neNkosi uJesu Kristu ngesibindi esikhulu, engavinjelwa muntu.


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile nabangafundile, bamangala; base bebazi ukuthi babenoJesu.


Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.


Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Kepha uBarnabasi wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi yayikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele ngesibindi eDamaseku ngegama likaJesu.


Wayenabo, engena ephuma eJerusalema.


Ngakho-ke okhuluma ngezilimi makakhulekele ukuba ahumushe.


Ngakho-ke lokhu sinethemba elinjalo, sisebenzisa ukukhululeka okukhulu kokukhuluma;


Abazalwane abaningi eNkosini, beqiniseka ngezibopho zami, banesibindi esikhulu kakhulu sokukhuluma izwi ngokungesabi.


Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka