Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.
IzEnzo 22:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngiyakukuthuma kude kwabezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ” IsiZulu 2020 “Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba ngizakukuthuma kwabezizwe.’ ” Baasraak Zulu New Testament Bible Yathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngiyakukuthuma kude kwabezizwe. |
Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.
Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;
Ngokuba ngikhuluma kini nina bezizwe, lokhu ngingumphostoli wabezizwe, ngiphakamisa isikhundla sami;
ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;
ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa),
Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.