Nxa beniyisa emasinagogeni, nasezinduneni nakubabusi, ningakhathazeki ngokuthi niyakuphendula ngani, ngokuthini, nangalokho eniyakukukhuluma;
IzEnzo 22:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.” IsiZulu 2020 “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.” Baasraak Zulu New Testament Bible Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje. |
Nxa beniyisa emasinagogeni, nasezinduneni nakubabusi, ningakhathazeki ngokuthi niyakuphendula ngani, ngokuthini, nangalokho eniyakukukhuluma;
Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningacabangi ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.
Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.
Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.
UPawuli esemqhwebile ukuthi akhulume, waphendula wathi: Njengoba ngazi ukuthi sekuyiminyaka eminengi ungumgwebi walesisizwe, ngiziphendulela ngesibindi esikhulu.
Engabaphendula ngathi: Kakusiwo umkhuba wamaRoma ukunikela umuntu ukuthi afe, omangalelweyo engakahlanganisi abammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala lakhe.
Eziphendulela wathi: “Nangomthetho wabaJuda, nethempeli, nakuKesari angonanga lutho.
Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.
Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;
ababonakalisa umsebenzi womthetho olotshiwe ezinhliziyweni zabo, unembeza wabo ufakaza futhi, nemicabango yabo isolana noma ithethelelana;
Futhi nithi siyazithethelela kini na? sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu, kepha konke sikwenzela ukwakhiwa kwenu, bathandekayo.
Ngokuba bhekani khona yona le nto, ukuthi nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukukhuthala okungaka kwakwenza kini, yebo, ukuzikhulula, yebo, ukuthukuthela, yebo, ukwesaba, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, impindiselo engaka! Kuzo zonke izinto nizibonakalisile nina ukuthi nimsulwa kule ndaba.
njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.
Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;
Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;