Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 23:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UPawula wawubuka umkhandlu, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambe phambi kukaNkulunkulu nginonembeza omsulwa, kuze kube namuhla.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UPawuli wawugqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 23:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ababi bayabaleka bengaxoshwa muntu, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.


Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje.


Ngangomuso, efuna ukwazi iqiniso, ukuthi kungani amangalelwe ngamaJuda, wamkhulula eziboshweni, wayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke wabo beze, wamehlisa uPawulu, wammisa phambi kwabo.


Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.


Ngakho-ke nina kanye nomphakathi bonisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini kusasa ngokungathi nifuna ukuhlolisisa kahle okumayelana naye;


Yathi: “AbaJuda bavumelene ukukucela ukuba wehlisele uPawuli emphakathini kusasa, kungathi bafuna ukuhlolisisa kahle okunye ngaye.


Kuthe sengifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngamkhiphela emphakathini wabo;


Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.


Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.


Bonke ababehlezi emphakathini bamgqolozela, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.


Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.


Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu.


Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini;


Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.


Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka