Kumelwe ugubhe umkhosi wamasonto, owolibo lwesivuno sikakolweni, nomkhosi wokubutha ekupheleni konyaka.
IzEnzo 20:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste. IsiZulu 2020 Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; |
Kumelwe ugubhe umkhosi wamasonto, owolibo lwesivuno sikakolweni, nomkhosi wokubutha ekupheleni konyaka.
Kwathi uPetro engqongqotha emnyango wesango, intombazana yeza ukulalela, ibizo layo linguRoda.
Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;
Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.
Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. Wamuka ngomkhumbi e-Efesu.
Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
Sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho besizakumkhwelisa khona uPawulu, ngokuba wayemise kanjalo, yena ethanda ukuhamba ngezinyawo.
Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke;
Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona;
Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.
Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.
Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi kuPawulu ngoMoya angenyukeli eJerusalema.
Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo.