IzEnzo 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya, IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya, IsiZulu 2020 AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya, Baasraak Zulu New Testament Bible amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya, |
Kwathi emihleni ka-Amrafeli inkosi yaseShinari, no-Arjogi, inkosi yase-Elasari, noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, inkosi yaseTidali wezizwe;
Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.
Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi bamenze isinengiso uDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathumela amatalenta ayinkulungwane esiliva ukubaqasha izinqola nabamahhashi eMesophothamiya nase-Aramu-Maga naseSoba.
Kwatholakala e-Akimetha esigodlweni esisesifundeni samaMede umqulu, nombhalo wemilando owawulotshwe kanje:
Kuyothi ngalolo suku uJehova aphinde elule isandla sakhe ngokwesibili ensalini yabantu bakhe abasele, kusukela e-Asiriya naseGibhithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseShineyari naseShinari. EHamati naseziqhingini zasolwandle.
Kwamenyezelwa kimi umbono onzima; uhwebo olungathembekile ngokukhohlisa, nabangathembekile bonakele. Khuphuka, Elamu, vimbezela, Mediya! Ngakuyeka konke ukububula kwakhe.
Ngasengibona embonweni; ngabona, ngiseShushani endlini yenkosi esesifundeni sase-Elamu; ngabona embonweni, ngasemfuleni i-Ulayi.
Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;
Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo.
Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.
Ngakho kayisikho lokhu kuphela umsebenzi wethu osengozini yokudelelwa; kodwa nokuba ithempeli likankulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuchithwa, nobukhosi bakhe buchithwe, okhulekelwa yi-Asiya yonke nomhlaba wonke.
Abanye bababusi base-Asiya, ababengabangane bakhe, bathumela kuye, bemncenga ukuba angazinikeli enkundleni yemidlalo.
Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;
Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke;
Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.
Kwathi sezizaphela lezonsuku eziyisikhombisa, abaJuda beAsiya, bembona ethempelini, badunga ixuku lonke, bambamba;
Kulokho abaJuda abathile base-Asiya bangifumana ethempelini ngihlanjululwe, kungelasixuku noma nginesiyaluyalu.
Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;
Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;
Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu.
Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo.
Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.
Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.
Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.
UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;
Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Ristayimi, inkosi yase-Aramu Pothamiya;