Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 2:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible

9 amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 2:9
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;


Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo.


Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.


Ngakho kayisikho lokhu kuphela umsebenzi wethu osengozini yokudelelwa; kodwa nokuba ithempeli likankulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuchithwa, nobukhosi bakhe buchithwe, okhulekelwa yi-Asiya yonke nomhlaba wonke.


Abanye bababusi base-Asiya, ababengabangane bakhe, bathumela kuye, bemncenga ukuba angazinikeli enkundleni yemidlalo.


Futhi thina sizwa kanjani wonke umuntu ngolimi lwakithi esazalelwa kulo na?


Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;


Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke;


Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.


Kwathi sezizaphela lezonsuku eziyisikhombisa, abaJuda beAsiya, bembona ethempelini, badunga ixuku lonke, bambamba;


Kulokho abaJuda abathile base-Asiya bangifumana ethempelini ngihlanjululwe, kungelasixuku noma nginesiyaluyalu.


Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.


Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;


Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;


Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu.


Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo.


Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.


UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,


esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka