UmNaziri uyakuphuca ikhanda lesigaba sakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lesigaba sakhe, aziphonse emlilweni ophansi komnikelo wokuthula.
IzEnzo 18:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo. IsiZulu 2020 Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo. Baasraak Zulu New Testament Bible UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso. |
UmNaziri uyakuphuca ikhanda lesigaba sakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lesigaba sakhe, aziphonse emlilweni ophansi komnikelo wokuthula.
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa indoda kumbe owesifazana ezahlukanisa ukwenza isithembiso somNaziri, ukuzahlukanisela eNkosini;
Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.
Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).
Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;
Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo.
Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu.
Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele;
Bathathe, uzihlambulule kanye nabo, ube necala kubo, ukuze baphuce amakhanda abo, bazi bonke ukuthi akulutho lokho abakubikelwe ngawe; kodwa ukuthi lawe uhamba ngokufaneleyo njalo ugcina umlayo.
Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.
KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;