Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.
IzEnzo 16:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela. IsiZulu 2020 Kuthe esebhabhadisiwe nabendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngethembekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona.” Wasehlula. Baasraak Zulu New Testament Bible Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela. |
Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.
Thathani isibusiso sami esilethwa kini; ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa, nangenxa yokuthi nginokuningi. Wamncenga, wakwamukela.
Kwathi ngolunye usuku u-Elisha wawelela eShunemi, lapho kwakukhona khona owesifazane omkhulu; wamcindezela ukuba adle isinkwa. Kwathi njalo lapho edlula, waphambukela khona ukuba adle isinkwa.
Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.
Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele ukuba bangene, ukuze igcwale indlu yami.
Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo.
Wabathatha ngaso leso sikhathi sobusuku, wabageza imivimbo; wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe.
Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa.
Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
Wayala ukuba inqola ime; behla bobabili emanzini, uFiliphu nomthenwa; wasembhabhathiza.
Uyakhonza kini uGayu, esingimbelele, nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu induna yomuzi, noKwartu umzalwane.
Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.
Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela; ngokuba sibona kanje, ukuthi munye wafela bonke, khona-ke bonke bafile;
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu:
njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.
Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi.
NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;
Uma kufika umuntu kini engalethi lesi sifundiso, ningamamukeli endlini yenu, ningambulisi;
Ngakho thina sifanele ukwamukela abanjalo, ukuze sibe abahlanganyeli eqinisweni.
Kepha wala wathi: “Angiyikudla.” Kodwa izinceku zakhe kanye nowesifazane bamcindezela; walalela izwi labo. Wavuka phansi wahlala embhedeni.