Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 16:15 - IsiZulu 2020

15 Kuthe esebhabhadisiwe nabendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngethembekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona.” Wasehlula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona;” wasicindezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga, wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona. Futhi wasicindezela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 16:15
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi wazibelesela ezincenga zaze zaphambuka zangena endlini yakhe. Wabe esezilungisela idili, wazenzela namaqebelengwane angenamvubelo; zadla.


Ngiyakuncenga, samukele isipho sami esithunyelwe kuwe, ngokuba uNkulunkulu ube nomusa kimi, futhi nginakho konke engikudingayo.” UJakobe waqhubeka emncenga, u-Esawu wagcina esesemukele isipho sakhe.


Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlula eya eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo. Owesifazane wamncenga ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo uma edlula aphambukele khona ukuba adle.


Owamukela umphrofethi ngokuba engumphrofethi, uyakuzuza umvuzo womphrofethi; nowamukela olungileyo ngokuba lowo elungile, uyakuzuza umvuzo wolungileyo.


babhabhadiswa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.


“Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’


kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.


uzakukutshela amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nabo bonke abendlu yakho.’


Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa, wena nendlu yakho.”


Wabathatha khona ebusuku, wabageza amanxeba, yena wabhabhadiswa nabo bonke abendlu yakhe,


wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.


Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane.


Wayeseyala ukuba ime inqola. Umthenwa noFiliphu behla baya emanzini, uFiliphu wayesembhabhadisa umthenwa.


Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu, umzalwane.


Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.


Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Ngakho-ke uma singababambisene, memukele yena kungathi wemukela mina.


Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi.


NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.


Uma kufika kini umuntu, engafundisi lesi sifundiso, ningamemukeli endlini yenu, futhi ningambingeleli.


Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi.


Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.


Kepha uSawule wenqaba wathi: “Angiyukudla.” Nokho izinceku zakhe nowesifazane bamnxenxa, wayeselalela izwi labo. Wasukuma emhlabathini, wahlala embhedeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka