Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 15:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 15:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nkulunkulu, dalele kimi inhliziyo ehlanzekileyo; uvuse umoya oqondileyo phakathi kwami.


Kumelwe nilabe ngenkatho njengefa lenu nelabafokazi abagogobele phakathi kwenu, abayozala abantwana phakathi kwenu; bayakuba kini njengabazalelwe ezweni phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ayoba nefa kanye nawe phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


Izwi labuye lakhuluma kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho uNkulunkulu akuhlambululileyo, wena ungasho ukuthi kungcolile.


Wathi kubo: Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane noma eze kowesinye isizwe; kodwa uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma ungcolile.


UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.


UMoya wayesethi kimi ngihambe nawo, ngingangabazi ngalutho. Bahamba nami nalaba bazalwane abayisithupha, sangena endlini yalowo muntu;


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;


Pho? thina singcono kunabo na? Qha, nakanye; ngokuba sesiwabonisile ngaphambili amaJuda nabezizwe ukuthi bonke baphansi kwesono;


ngitsho thina, asibizayo, kungeyisikho kumaJuda kuphela, kodwa lakwabezizwe?


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;


Ukhona yini obizwe esokile? makangabi ngongasoki. Ukhona yini obizwe engasokile na? makangasoki.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;