Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 15:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Akenzanga mehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 15:9
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


Izwi laphinda lasho kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.”


Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.


Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;


Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,


thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


Ukhona obizwe esokile na? Kangabi njengongasokile. Ukhona obizwe engasokile na? Kangasoki.


Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;


lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka