Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.
IsAmbulo 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umusi wempepho wenyuka kanye nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu uphuma esandleni sengelosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Intuthu yempepho kanye nemikhuleko yabangcwele kwenyukela phambi kukaNkulunkulu, kusuka esandleni sengelosi. Baasraak Zulu New Testament Bible Umusi wempepho wenyuka kanye nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu uphuma esandleni sengelosi. |
Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.
Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.
Ithempeli lagcwala umusi ovela enkazimulweni kaNkulunkulu nasemandleni akhe; futhi kwakungekho muntu owayengangena ethempelini, zize zigcwaliseke izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.
Kwafika enye ingelosi, yema ngase-altare, inesitsha segolide sempepho; yanikwa impepho eningi ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.