Wacebisana nezikhulu zakhe namaqhawe akhe ukuba bavimbe amanzi emithombo eyayingaphandle komuzi, bamsiza.
IsAmbulo 8:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi yesithathu yayisibetha, kwawa ezulwini inkanyezi enkulu, ivutha njengesibani, yawela phezu kwengxenye yesithathu yemifula naphezu kwemithombo yamanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. IsiZulu 2020 Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ingelosi yesithathu yayisibetha, kwawa ezulwini inkanyezi enkulu, ivutha njengesibani, yawela phezu kwengxenye yesithathu yemifula naphezu kwemithombo yamanzi. |
Wacebisana nezikhulu zakhe namaqhawe akhe ukuba bavimbe amanzi emithombo eyayingaphandle komuzi, bamsiza.
Wawa kanjani ezulwini, wena Lusifa, ndodana yokusa! unqunyulwe phansi kanjani, wena othuya izizwe!
“Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova, “izabelo ezimbili kulo zinqunywe, zife; kodwa owesithathu kumele ahlale kuwo.
Ngizadabula inxenye yesithathu emlilweni, zincibilike njengokucwengisiswa kwesiliva, ngizihlole njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibazwe; ngiyakuthi: Laba bayizingelosi. Abantu bami: futhi bayakuthi: UJehova unguNkulunkulu wami.
Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
amagagasi olwandle abilayo, ekhihliza amahlazo awo; izinkanyezi ezidukayo, ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama kuze kube phakade.
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
Lithi ngezwi elikhulu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, nikhuleke kuye owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.
Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi; zaba ligazi.
Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.
Ingelosi yokuqala yayisibetha, kwavela isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni;
Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo sakwalasha.
Zase zithukululwa izingelosi ezine, ebezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.
Ngalokho kwabulawa ingxenye yesithathu yabantu ngomlilo, nangomusi, nesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.
Base benyukela esiqongweni sedwala lase-Etamu abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda, bathi kuSamsoni: “Awukwazi yini ukuthi amaFilisti ayabusa phezu kwethu na? yini lena osenze yona? Wathi kubo: “Njengoba benza kimi, ngenza kanjalo kubo.”