Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu;
IsAmbulo 3:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke. IsiZulu 2020 “ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke. Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale; ngakho shisekela, uphenduke. |
Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu;
Bheka, ubusisiwe umuntu uNkulunkulu amsolayo; ngalokho awudeleli ukusola kukaSomandla.
Lapho usola umuntu ngobubi, ubuhle bakhe buqedwa njengenundu; isibili wonke umuntu uyize. Sela.
Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho.
Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; nokuhlambalaza kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
Ubuwula buboshiwe enhliziyweni yomntwana; kepha induku yokujezisa iyoyidedisela kude naye.
Jehova, ekuhluphekeni bakuhambela, bathulula umkhuleko ekujeziseni kwakho phezu kwabo.
Ngiqondise, Jehova, kepha ngokwahlulela; kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungibhubhise.
Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.
Ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikukhulule; noma ngiqeda zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, nokho angiyikukuqeda; kodwa ngizokukhuza ngokulinganisa futhi ngingakushiyi ungajeziswa ngokuphelele.
Ngimzwile impela u-Efrayimi ezikhalela kanje; Wangilaya, ngajeziswa njengenkunzi engajwayele ijogwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
Kodwa uzakuthi kibo: Lesi yisizwe esingalilaleli ilizwi le Nkosi uNkulunkulu waso, njalo esingamukeli isijeziso; iqiniso lalahleka lanqanyulwa emilonyeni yabo.
Kalilalelanga ilizwi; akakwamukelanga ukuqondiswa; akazange athembele kuJehova; akasondelanga kuNkulunkulu wakhe.
Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile.
njengabangaziwa, kodwa baziwa kakhulu; njengabafayo, futhi, bheka, siyaphila; njengabalaywayo, njalo abangabulawanga;
Ngokuba bhekani khona yona le nto, ukuthi nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukukhuthala okungaka kwakwenza kini, yebo, ukuzikhulula, yebo, ukuthukuthela, yebo, ukwesaba, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, ukushisekela okukhulu, yebo, impindiselo engaka! Kuzo zonke izinto nizibonakalisile nina ukuthi nimsulwa kule ndaba.
Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.
Ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilususe uthi lwesibane sakho endaweni yalo, ngaphandle kokuthi uphenduke.