Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 2:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

30 “Abantwana benu ngibashayele ize, abakwemukelanga ukuyalwa. Inkemba yenu idle abaphrofethi benu njengengonyama ebhubhisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 2:30
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Ngaba nobukhwele obukhulu kuJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.


Wathi: “Ngangishisekela nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli basishiyile isivumelwano sakho, badilize ama-altare akho, babulala abaprofethi bakho ngenkemba; ngase ngisele ngedwa; futhi bafuna umphefumulo wami ukuze bawususe.


Bamakhela uzungu, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Ngesikhathi sokucindezeleka kwakhe wabuye waphambuka kuJehova; yiyo leyo nkosi u-Ahazi.


Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.


Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.


Usalokhu ushaywa ngani? niyakudlubulunda ngokwandayo; lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


Ngokuba izandla zenu zingcoliswe yigazi neminwe yenu ngobubi; izindebe zenu zikhulume amanga, nolimi lwenu luvungazela okubi.


Ngokuba abantu abaphendukeli kuye obashayayo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.


Ngimzwile impela u-Efrayimi ezikhalela kanje; Wangilaya, ngajeziswa njengenkunzi engajwayele ijogwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Memezelani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nimemezele eNofi naseThagpanesi; anothi: Yima uqine, uzilungise; ngoba inkemba izakudla inhlangothi zonke zakho.


Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.


Kodwa uzakuthi kibo: Lesi yisizwe esingalilaleli ilizwi le Nkosi uNkulunkulu waso, njalo esingamukeli isijeziso; iqiniso lalahleka lanqanyulwa emilonyeni yabo.


Ngenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo abachitha igazi labalungileyo phakathi kwalo;


Ndodana yomuntu, yithi kulo: Lina lilizwe elingahlanjululwanga, elinganisanga ngosuku lolaka.


Ekungcoleni kwenu kukhona ihlazo; ngoba ngikuhlambulule, ungahlanjululwanga, kawusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize ngehlisele ulaka lwami phezu kwakho.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kwasehlela, kepha asikhulekanga phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sibuye ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


Kalilalelanga ilizwi; akakwamukelanga ukuqondiswa; akazange athembele kuJehova; akasondelanga kuNkulunkulu wakhe.


Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, nihlobise amathuna abalungileyo;


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;


ababulala iNkosi uJesu nabaprofethi babo, basizingela nathi; abamthokozisi uNkulunkulu, baphambene nabantu bonke;


Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka