IsAmbulo 20:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basenyukela ebubanzini bomhlaba, bahaqa ikamu labangcwele nomuzi othandekayo; kwehla umlilo uvela kuNkulunkulu uvela ezulwini, wabaqeda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu* labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; IsiZulu 2020 Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda. Baasraak Zulu New Testament Bible Basenyukela ebubanzini bomhlaba, bahaqa ikamu labangcwele nomuzi othandekayo; kwehla umlilo uvela kuNkulunkulu uvela ezulwini, wabaqeda. |
Inceku yomuntu kaNkulunkulu yasivuka ekuseni kakhulu, yaphuma, khangela-ke, ibutho lalihanqile umuzi, linamabhiza lezinqola. Inceku yakhe yathi kuye: “Maye, nkosi yami! sizokwenza kanjani.
UJehova uyawathanda amasango aseSiyoni ngaphezu kwazo zonke izindlu zikaJakobe.
Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.
Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.
Uyakukhuphukela kubantu bami u-Israyeli njengefu lisibekele izwe; kuyakuthi ekupheleni kwezinsuku, ngikulethe umelane nezwe lami, ukuze izizwe zingazi, lapho ngiya sengcweliswa kuwe, Gogi, phambi kwamehlo azo.
Ngiyakulwa naye ngesifo nangegazi; futhi ngiyonisa phezu kwakhe naphezu kwamabutho akhe naphezu kwabantu abaningi abakanye naye imvula namatshe esichotho esikhulu, umlilo nesibabule.
Uyakuvuka uze njengesiphepho, ube njengefu ukusibekela izwe, wena nawo onke amaviyo akho nabantu abaningi kanye nawe.
Ngiyakuphonsa umlilo kwaMagogi naphakathi kwabahlezi ngokulondeka eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.
Umfohli uyakhuphuka phambi kwabo; babhodloza bangena ngesango baphuma ngalo; inkosi yabo iyakuphuma phambi kwabo, noJehova eyinhloko yabo.
Ngokuba bhekani, ngiyakuvusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesisheshayo, esidabula ububanzi bezwe, ukuba sidle izindawo zokuhlala ezingezona ezaso.
Uma abantu bekhononda, kwakungalungile emehlweni kaJehova, uJehova wakuzwa; intukuthelo yakhe yavutha; umlilo kaJehova wavutha phakathi kwabo, wabaqeda ababesemikhawulweni yekamu.
Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.
Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.
Ngokuba izinsuku ziyakufikela, lapho izitha zakho ziyokubiyela ngomsele, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke;
Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
Kwathi abafundi bakhe oJakobe noJohane bekubona bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqothule, njengokuba no-Eliya enza na?
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.
Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;
Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo;
Senza izimangaliso ezinkulu, size sehlise nomlilo ezulwini, wehle emhlabeni phambi kwabantu;