Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 19:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 19:12
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wambuza wathi: “Ngitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na? Wambusisa lapho.


Ngokuba wamenza waba mncinyane kancane kunezingelosi, wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo.


Mnakekele futhi ulalele izwi lakhe, ungamgconi; ngoba kayikuthethelela iziphambeko zenu, ngoba ibizo lami likuyo.


Ubani owenyukela ezulwini noma owehla na? ngubani owabutha umoya ngezandla zakhe na? ngubani owabophela amanzi engutsheni na? ngubani omise imikhawulo yonke yomhlaba? Ngubani igama lakhe, futhi ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi?


Phumani, madodakazi aseZiyoni, nibone iNkosi uSolomoni, inomqhele unina ayithwesa ngawo ngosuku lomshado wayo nangosuku lwentokozo yenhliziyo yayo.


Uyakuba ngumqhele okhazimulayo esandleni sikaJehova, nomqhele wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Umzimba wakhe wawunjengoboya, nobuso bakhe bunjengokubonakala kombani, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengethusi elimibalabala, nomsindo wamazwi akhe njengezwi lesixuku.


UJehova uNkulunkulu wabo uyobakhulula ngalolo suku njengezimvu zabantu bakhe, ngoba bayoba njengamatshe omqhele aphakanyiswe njengebhanela phezu kwezwe lakhe.


Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.


Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


Tsohle ke di neilwe ke Ntate; mme ha ho ya tsebang Mora ke mang, haese Ntate; le hore na Ntate ke mang, haese Mora, le eo Mora a ratang ho mo senolela yena.


Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.


Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.


phezu kwabo bonke ubukhosi, lamandla, lamandla, lobukhosi, lalo lonke ibizo elibizwayo, kungeyisikho kulomhlaba kuphela, kodwa lakulowo ozayo;


Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.


Ikhanda lakhe nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa; amehlo akhe enjengelangabi lomlilo;


Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.


Ngase ngimi esihlabathini solwandle, ngabona isilo sikhuphuka elwandle, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi, nasemakhanda aso kunegama lenhlamba.


Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba, futhi eyakunqoba.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani kanjalo ngegama lami, lokhu liyimfihlo na?